Consolidation Loan

Loans and Lending Products

Lapho usidinga, sizokusiza Ngemalimboleko ebizwa phecelezi ngokuthi yi-Personal Loan yase-DirectAxis eqala ku-R5 000…

Ubani u-DirectAxis?

Ngaphezulu eminyakeni engu-25, u-DirectAxis egunyazwe Njengomhlinzeki Wezinsiza Zezimali futhi eyingxenye ye-FirstRand Group. Kuleso sikhathi, sesinikeze izimalimboleko ezingaphezu kwesigidi futhi siyaziqhenya ngokuthi amakhasimende ethu angathembela kithi ngaso sonke isikhathi. Ngoba asinikezi kuphela izimalimboleko – sikholelwa ekusizeni abantu ukuthi benze izinto ezibalulekile, sisiza abantu ukuthi bathathe amathuba abawathola empilweni futhi sisiza abantu ukuthi bashintshe izimpilo zabo.

Ungakwenza lokho nathi.

Indlela esebenza ngayo Imalimboleko yase-DirectAxis:

Lapho udinga imali, khetha isisombululo semalimboleko esivumelana nesimo kanye nesabelomali sakho.

  • Khetha inani lemalimboleko olidingayo, kusukela, ku-R5 000.
  • Nquma indlela ozokhokha ngayo ihambisana nezidingo zakho, esukela ezinyangeni eziwu-24 ukuya eminyakeni ewu-6.
  • Uma kugunyaziwe, imali ingafakwa e-akhawuntini yakho yasebhange ngokushesha – oukuze uyisebenzise ngendlela okhetha ngayo.

Yini oyidingayo ukuze ufake isicelo:

Konke okudingayo yilokhu okulandelayo ukuze silungiselele isicelo sakho ngaleso sikhathi:

  •  Iholo lenyanga elingekho ngaphansi kuka-R5 000
  • Imininingwane ye-akhawunti yakho yasebhange okukhokhwa kuyo iholo lakho
  • Ama-payslip ezinyanga eziwu-3 ezedlule (uma engekho, ungafaka izitatimende zasebhange ukhombise ngokusobala iholo lakho elikhokhiwe)

Kungadingeka futhi ukuthi uhlinzeke:

  • Ikhophi ecacile Kamazisi/ikhadi le-Smart ID
  • Idokhumenti yakamuva eqinisekisa ikheli lakho lasekhaya

Sicela uqaphele ukuthi: kungenzeka ucelwe ukuthi ufakazele i-debit order yakho

Imalimboleko yase-DirectAxis ihlale iza nemihlomulo eminingi.

  • Akukho sidingo sokuthi uzobuzwa imibuzo noma ukuthi ume emigqeni emide – yonke into ingenziwa ocingweni noma ku-inthanethi.
  • Ukuqinisekiswa kwezimali ezikhokhwayo ezingaguquki ngesikhathi semalimboleko sonke.
  • Ungakwazi ukusheshe ukhokhe noma ukuthi ukhokhe imali eningana ngaphandle kwenhlawulo.
  •  Ukusebenzisana nenkampani Engumhlinzeki Wezinsiza Zezimali ogunyaziwe, eyingxenye ye-FirstRand Group, ehambisana Nomthetho Wezikwelethu Kazwelonke, futhi ezinikele ekugqugquzeleni ukubolekisa ngemali ngendlela engenabo ubudedengu.
  • U-DirectAxis uzohlala ebhekelela izimo zakho ngokwezezimali ukuze akunikeze imalimboleko ehambisana nezidingo kanye nesabelomali sakho.
  • Ungakhululeka ngenxa yokuthi uzothola umshwalense wokuvikela isikweletu oyi-Personal Protection Plan, ofakwa kuyo yonke imalimboleko ukuze ungabi navalo ngalutho. Lolu hlelo olungefaniswe luzovikela nanoma iyiphi imali yemalimboleko engakakhokhwa uma kwenzeka ushona noma ukhubazeka unomphela – futhi luhlinzeka nokuvikeleka okuthile ngokuphathelene nokukhubazeka okwesikhashana kanye nokudilizwa. Lolu hlelo lulungiswe ngokuhambisana nesimo sakho esiphathelene nengozi, ngakho-ke izinga lokuvikeleka lizohluka, kodwa uvumelekile ukuthi ukhethe umshwalense owehlukile, ohlinzeka ukuvikeleka okulingana nobuzokuthola.
  • DirectAxis
    Stats

  • 24%

    Consolidation

    of customers use loans for consolidation

  • 24%

    Renovations

    of customers use loans for renovations

  • 12%

    Education

    of customers use loans for education